Isaga vs isisho

Izaga nezisho examples, below we will look at izaga and izisho zesizulu examples. Some you will be familiar with. We can convert izaga and izisho into english but some will loose context. Yini izaga? isaga umusho ophelele ongeke waphendula noma ongeke washintsha. isibonelo: isalakutshelwa sibona ngomopho, lenkulumo angeke uyiphendule, ihlala inje. isibonelo sesaga esinye, imbila yaswela umsila ngokuyalezela. Angeke uthi "imbila izoswela umsila ngokuyalezela" cha asishintsheki. Bese kuthi isisho sona siyashintsheka inkathi yathi.

Ilamba lidlile

Ilamba lidlile umuntu omncane ngomzimba onesisu esincane esingakhululi noma esedlile. Umuntu ongenawo umkhaba.

Utshani bokufulela

Utshani bokufulela obuboshiwe bubizwa ngani? lobobutshani bubizwa nge- Isithungo or isixha. Ubhaqa uma lungaka sikwa, emva kokuba lusikiwe bese kuba isithungo.Abanye bathi isithungu. Isipha uma kusekuncane. Isidlandla ilobutshani obuthungwe sengathi icansi obubona uma ungaphakathi endlini.

Ukufihla imfihlo ozophumelela ngayo

Ukufihla induku emqubeni ngabe kuchazani? Ukufihla isu noma into ozomangaza ngayo ukuze unqobe. Ukumangaza umuntu ngento abengayilindele ukuthi ungayenza.

Ekuseni ngovivi

Ekuseni kusampondo zankomo, kuchaza isikhathi sasekuseni ngovivi. iNtathakusa. Lapho izinkomo zilele esibayeni noma otshanini ubona ngezimpondo ngoba zona ziyagqama ebumnyameni.

Sekusondele izinsuku ezincane kunalezi ekugaywa ngazo utshwala

Akusensuku zatshwala, kuchaza ukuthi izinsuku sezisondele kakhulu. Sekusemome noma selidumela emansumpeni.

Umlungisi uzithela isisila

Umlungisi uzithela isisila Lenkulumo ivela lapho kunokungaboni ngaso linye phakathi kwabantu ababili kungabe bayalwa noma bedonsisana ngokwenkulumo phambi kwabantu bese ukuba khona obalamulayo mabelwa begcine sebeshaya yena lo obalamulayo noma afe esalamula besekuthiwa umlungisi uzithela isisila ngoba ubesiza engazi ukuthi ikinga izosala naye
Kusho ukuthi ungamsiza umuntu engenakutho,mhla waba notho wena bese uphenduka isitha futh kuye. Umzekelo,cosha iphara ulidabukele uliqoqe linethwa,ligodola ulilethe ekhaya lihlale nj kahle ngelinye ilanga ubenohambo uma ubuya ubuya liqoqe yonke into enhle onayo laziphuma

ISIKHUNI SIZALA UMLOTHA. Umntwana ufuza abazali bakhe ngobubi bezenzo zabazali bakhe

Ukhamba lufuze imbiza,Ingane ifuze abazali bayo

Iyahlonipha nalapho ingezukwendela khona, kusho ukuthi uhlonipha nanoma ubani nongamazi kuyaye sibhekiswe kakhulu kwabesifazane abasabheke umendo ukuth uhlonipha nala ungezokushadela khona ngoba awazi wothathwa kabani kusasa.

Ukuzwa amanzi ngobhoko

Ukuzwa amanzi ngobhoko, Ngesingisi singathi uku-tester, uyabona abantu uma bewela umfula bengawujwayele, bayaye baphathe induku ende ebizwa ngobhoko, bayihloma labezonyathela khona ukuze bezwe ukuthi isiziba sishona kangakanani.

Uumfundisi akamzali umfundisi

Umfundisi akamzali umfundisi. Umuntu owutho noma odumile uvame ukuzala izehluleki noma isdakwa nje. Umuntu ohlonishwayo uzala umuntukazana

Ukushaywa ngemfe

Ukushaywa ngemfe iphindiwe .kuchazani lokhu?? Ukukhohliswa,Ukudida umqondo ngamanga loyo mkhohlisi

Ukugawula ubheke

Ubogawula ubheke, yini ukugawula? kuyinto efana nokutheza lapha sisuke sichaza ukuthi: Woqaphela uphinde futhi uqikelele ungenzi noma yini engakufaka engozini kumele ube mehlo ube mehlo mane.
Isexwayiso leso, so kuthi uma kukhona okwenzayo ukwenze ngokuqikelela. Phela kungenzeka uthi uyagawula kanti lusosihlahla osigawulayo kunenyoka engakulimaza kanti kuyenzeka ugawule umuthi ngokunganaki uvele uwele kuwe. Ngenye indlela uma wenza into uboqikelela

Ukungasho lutho

Ukuwuhlaba inhlali? ukungakhulumi ngodaba ukungasho lutho ngento.

Intandane enhle

Ngabe kuchazazi ukuthi intandane enhle ngumakhothwa ngunina, Kungcono ukungabi nobaba kunokungabi nomama

Insele

Yini unsele? Isuke imbe ini bese iyazishiya? Zimbiwe insele ukuthola into owawukade uyifuna. Yini insele isilwane esinenkani esidla izinyoka Kanye noju lwezinyosi 3 isuke imbe izinyosi yazishiya.
Insele isilwane esinenkani sasendle, idla izinyoka. Iyazithandela izinyoni. Manje mazimbiwe insele yazi shiya kusho ukuthi unenhlanhla ngoba ayiziyeki izinyoni noma ngathiwa zikuphi.
Insele yisilwane esinenkani esithanda izinyosi. Uma izimbile yadla yazishiya iyalibekisa ikhekhe lokugcina kula ewashiyile ukuze ibuye izoqhubeka nokudla uma isilambile futhi. Uma ike yakufica kuwo isukile.

Siyobohla Manyosi

Sobohla Manyosi yisisho esavela,ngoManyosi kaDlekezele waseMaMbatheni owayesehlamke inkosi yakhe uDingani sehamba noMpande,uManyosi lo kwakuyinsizwa eyayidla isidumbu sembuzi isiqede iyodwa.kwathi kelapho inkosi uDingani sekubonile ukuthi sehamba noMpande wathi nguwena lo osuchwensiswa wukwesutha nje.koze kuphele isisu sithi ne emgogodleni. SOBOHLA MANYOSI. Lesi sisho sichaza ukuthi ukubusa kuzophela.

Yini umvundla

Umvundla uhlobo luka Nogwaja ohlala emafusini nakwenzinye izindawo, lonogwaja ugijima okudlula izinjani. Kuthi umvundla ziyowunqaba phambili kusuke kuchazwa ukuthi bayokubamba phambili lapho uyakhona, lesisaga sisuselwa ekutheni umvundla izinja kazuwubambi ngokuwusukela kodwa kumele zivele ngaphambili ukuze ziwubambe, ngoba uyagijima kakhulu.

Bika imbiba ubika ibuzi

Umuntu usuke ebika izizathu eziningi, eziphikisanayo, eqamba amanga. imbiba igundane kanye nebuzi igundane, kodwa ngamagundane angafani.

Konakala izinto

Yawuchitha umuthi inkonyane kuchazwa ukuthi zavele zonakala izinto.

Umlomo, ishoba lokuziphungela

Umlomo ishoba lokuziphungela. A mouth is a tail to swat away flies, okuchaza ukuthi umlomo usetshenziselwa ukuzilwela noma ukuzivikela lapho usenkingeni khona.

Wathunywa ugwayi wabuya neboza, kusuke kuchazwa umuntu ongalaleli uma kuthiwa akenze ngamafuphi lokhu kuchaza ukuthi umuntu lowo uyisilima.

Itshe limi ngothi, lesi isaga bazokhumbula ke abantu ukuthi sihlukene ngan isaga nesisho, Uma ngizonithi nje fahla, isaga sibeka amaqiniso,awucabange nawe itshe uma limi ngothi ukuth into leyo esingawa noma inini, kusho ukuthi ke kunengozi esingakwehlela noma nini.ngyabonga

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
 

Iziwasho nemithi

izithakazelo

izisho nezaga

Amagama esizulu izincazelo